|
Izivivinyo ezikule ncwadi zisuselwa ezindabeni eziyisithupha zesiZulu ezenziwe zaba lula ukuzifunda ezashicilelwa ngabakwa-New Readers Publishers, ezinconyelwa ukuba zisetshenziselwe ukufunda ezifundeni zabasaqala zesiZulu ezibizwa nge-Asifunde.
Lezi zincwadi nezivivinyo zingasetshenziwa futhi ngemphumelelo lapho abafundi bezifundela ukuze basizakale ukuba balungiselele ukuhlolwa kwezinga lokuqala lemfundo yabadala nokuqeqesha (ABET Level 1), kanye nokuthuthukisa ukufunda baqephuze kanye nokuthanda ukufunda kwabafundi abafunda ukufunda nokubhala nabafunda ulimi okungelona lwabo. Lezi zivivinyo ziphethe imiphumela ehambelana namaQophelo eZokuxhumana noLimi (Language, Literacy and Communications Unit Standards)afanele abafundi bezinga lokuqala le-ABET.
Le ncwadi eyinsiza yothisha iqukethe amanothi abanzi najwayelekile kathisha ofundisa ulimi noma ukufunda nokubhala, kanye namapheshana ezivivinyo zabafundi (okungagaywa kube kuphindaphindwe). Izivivinyo zingabhalwa nasebhodini. Abafundi kuyomele bafunde lezi zincwadi ukuze benze lezi zivivinyo.
|
|
The exercises in this book are based on six easy to read Zulu stories published by New Readers Publishers which are recommended reading for a basic Zulu literacy course called Asifunde.
The books and the exercises can also be effectively used independently of the course to help prepare learners for the ABET Level 1 examination and to develop reading fluency and a positive attitude towards reading amongst literacy and second language learners. The exercises cover the specific outcomes for the Language and Communications Unit Standards that are relevant for literay learners at ABET Level 1.
This teachers' resource book contains extensive general notes for the language or literacy teacher and worksheets for the learners (which can be photocopied). The exercises can also be copied onto the board. Learners will have to read the books to do the exercises.
Back to Teachers' Resource Materials
Back to online catalogue
|
|
|